
Siphikisa uhlelo lwe-capitalism kanye nabaqashi
Umzabalazo wabasebenzi abamnyama e-S.A. ngumzabalazo ophikisana nobugqili kuhlangene nohlelo lwe-capitalism. I-capitalism uhlelo lwaleyongcosana ebusayo. (amacapitalist abaphathi abasemazingeni aphezulu, osopolitiki abaqeqeshiwe) eqonde ukuxhaphaza iphinde icindezele iningi elingabasebenzi (abasebenzi bawowonke amazinga; imindeni yabo, amasotsha; abangaqashiwe kanye nemphakathi ehluphekayo yasemaphandleni). Lezinhlobo zombili zinenhloso ezehlukile zivaleleke emzabalazweni wangokwezinga.
Ubandlululo lwakha iCapitalism
Uhlelo lwe-capitalism e-S.A. lwakhiwe ngenxa yokucindezela ngokobandlululo – ukudliwa kwemihlaba; uhlelo lwezinkompolo, ukushintsashintsha unsebenzi, ukumisa imithetho ethize kanye nokuncisha amalungelo alowomuntu ompisholo osemazingeni aphansi.
Umzabalazo uyaqhubeka
Ubandlululo lwahlulwa umzabalazo wabasebenzi, kodwa lona lusekhona. Ukuvota kwango 1994 akuzange kukugudluze ukucindezelwa ngokobandlululo okuyizinhloso zama-Capitalist. Umzabalazo kufanele uqhubeke ulwisane ne-capitalism ne-racism (ukucwasana ngokwebala): asibesinye isitha, asilwe ngokuhlanganyela!
Abasebenzi abangakhulula abanye abasebenzi
Ukulwa kwabasebenzi okungaqeda ukucwasana kanye ne-capitalism, ukuze kwakheke inkululeko nokulingana kwabobonke abantu. Abasebenzi kanye nalabo abahluphekayo abangakha umphakathi okhululekile, ngoba ibona abanamandla ngokwenhlangano, uthando lokushintsha lesisimo sokubuswa.
Ukuzwa nokucindezelwa kanye nokucwasana
Siphikisa lonke uhlelo lokucindezelwa: ngokwebala, ngokobulili, ngokokusibusa, ngokucekela phansi imvelo nokucwasa labo abayizinkonkone. Sihambisana nokulingana kwabobonke abantu; ukulwa kwabasebenzi okungaqeda ukucindezelwa. Impi elwisana nokucindezelwa kanye nomfutho wabasebenzi kuphela okungahlanganisa abasebenzi. Ukucindezelwa kanye nokucwasana akuhambisani nentando yabasebenzi. Kuhlukanisa kuphinde kwehlise izinga lomzabalazo.
Inkululeko ngeke ilethwe uhulumeni
Inkululeko yabasebenzi ngeke yaqhamuka ephalamende noma ekuthatheni izintambo zoMbuso. Umbuso (izinkantolo, abasemagunyeni kahulumeni; amaphoyisa; iphalamende njalonjalo) uyithuluzi le-capitalism kanye nabaqashi. Ukusetshenziswa koMbuso (State) kungagcina ukuxoveka, ukuhlulwa noma ukulawulwa emzabalazweni wabasebenzi. Ukwehla komnotho kanye kokubuswa ngesihluku ngokwepolitiki kuka Marxist ehola i-Soviet Union kukuveza obala loku.
Akube nezinguquko ezinyunyaneni zohwebo
Uhlelo lwe-socialism kufanele luqhamuke laphaya emazingeni aphansi ekulweni ngokuhlanganyela. Izinyunyana zohwebo kufanele kube izona eziphethe umhlaba kanye namafemu ziwafake ngaphansi kwabasebenzi alawulwe yibo uma sekunokhukhulela ngoqo wesiteleka esiyobe simaqondondana nokuba kuthathwe / kungenwe ezindaweni zokusebenzela.
Basebenzi hlanganani emhlabeni wonke
Ukuze kuphumelele ukuvikelwa kwabaqashi kufanele kuncike ekuhlanganyeleni kwabasebenzi balolonke ibala, bonke ubulili nakulolonke izwe. I-capitalism igcwele umhlaba wonke ngakhoke kufanele thina basebenzi ukulwa kwethu sikwandise umhlaba wonke.
Ukuhlangana emhlabeni silwele i-Socialism
Ukhukhulelangoqo wesiteleka uzoqeda ukucwasana ngokwebala kubasebenzi, ubuye ulethe nentando yeningi: i-libetarian socialism. Lokhu kuzogxila kumfelandawonye walabo abasemazingeni aphansi, ezindaweni zokusebenzela kanye nakumakhansela emphakathini, bese kuvikelwa umbutho wokuvikela wabasebenzi.
Sifuna umphakathi ongenabo obasi (bosses), abaluwuli kanye nabacindezeli noma ngabe kuthiwa abaluphi uhlobo. Sifuna umnotho okhululekile olawulwa abasebenzi. Asifuni ukulawulwa: okuyilona zinga kwinkululeko yethu ukuthi ungabomphuca omunye umuntu inkululeko yakhe.
Izinhloso ze WSF
I-WSF ayincikile ekungeneleni ukhetho noma ezinhlosweni zokuthatha amandla ombuso. I-WSF akuyona inyunyane yabezohwebo kodwa inhlangano yezepolitiki yalabo abalwayo ngenhloso yokugqugquzela ukuzenzela kanye nokuqonda isimo sezepolitiki soquqaba lomphakathi wabasebenzi kanye nabahlwempu ukuze bakwazi ukuzilwela bona. Inhloso yethu ukugqugquzela umzabalazo, kodwa ekugcineni abasebenzi abayokhulula abanye abasebenzi. Ikusasa lakhiwa namhlanje. Siyahambisana nomzabalazo wabafundi wenqubekela phambili. Siyaxhasa izinyunyana ezikhona zabasezimbonini kodwa silwela ukuba zilawulwe abasebenzi; uhlelo lwezinguquko kanye nokubumba inyunyana eyodwa enkulu.
Isiko lokulwa
Siyaziqhenya ngokumela usiko loquqaba lokuba silwele isocialism hayi ubugqili (Anarcho-Syndicalism). Inhlangano yethu ngokomlando isizuze izigidi zabantu umhlaba wonke, ngoba ilwela izidingo zabasebenzi kanye nalabo abangamahlwempu. Ayilweli labo abazifunela bona amandla kanye nokuxhaphaza abasebenzi. Namhlanje i-WSF isisabalale umhlaba wonke.
Uma uvumelana nathi – Joyina i-WSF
WORKERS SOLIDARITY FEDERATION
outdated contact details removed
Source: Zulu translation of the WSF’s English leaflet, “Land and Freedom through Revolutionay Unionism”